Kuqhunyiswe ngebomu eSomalia
2012-04-17 10:27
Mogadishu- Idelakufa libulale isosha edolobheni laseSomali iBaidoa
ngoLwesibili, ngesikhathi liqhumisa ibhomu ebeliyigqokile lizama
ukungena ebhilidini likahulumeni lezokuvikela, kusho izikhulu.
"Isosha libe selimisa idelakufa, kwathi ngesikhathi
lisazama ukumsesha, lavele laziqhumisa," kusho uMohamed Samow, oyisikhulu
kwezokuvikela.
"Idelakufa lishonele lapho, isosha, ebelilimele kakhulu
lona lishonele esibhedlela", kusho isikhulu.
Amasosha ase-Ethiopia alwa namasosha kahulumeni waseSomalia
athatha indawo yaseBaidoa ngoFebhuwari.
Okwamanje alikho iqembu eseliphumele obala lavuma ukuthi
lenze lesi senzo sangoLwesibili.
Ngasekuqaleni kwenyanga, kwaqhuma ibhomu emakethe eyabulala
cishe abantu abangu-11 yalimazi abaningi, iqembu iShebab lathi ilona
elihlaselile.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).