Kuphinde kwahlehla imibhikisho eGuinea
2013-02-13 07:33
Conakry - Amaqembu aphikisayo eGuinea asevumelene ngokuhlehlisa imibhikisho kazwelonke njengoba ekhala ngezinkinga mayelana nokulungiselelwa kokhetho.
Lokhu kulandela ukushona kwesikhulu sombutho wezempi nabanye abangu-10 ngesikhathi kuphahlazeka ibhanoyi.
Uhulumeni unqume ukuthi kuzilwe izinsuku ezintathu kulandela le ngozi eyenzeke ngasenhlokodolobha yaseLiberia, iMonrovia, ngoMsombuluko, yabulala uGeneral Souleymane Kelefa Diallo, nobesondelene kakhulu noMengameli Alpha Conde.
USidya Toure, nongumholi weqembu eliphikisayo, uthe le mibhikisho izohlehliselwa uFebhuwari 18.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters