Kuphenywa ngebhelunde lokufa
2013-02-27 07:34
Luxor - Kushone abantu abangu-19, iningi labo yizivakashi zase-Asia nase-Europe ngesikhathi kokheleka ngomlilo ibhalunde elithwala abantu edolobheni iLuxor, e-Egypt, kusho izikhulu.
Lesi sibhicongo senzeke epulazini elingaseValley of the Kings, nethandwa kakhulu yizivakashi.
Kushone umuntu oyedwa waye-Egypt, kusho uNgqongqoshe wezeMpilo uMohamed Mostafa Hamed etshela abezindaba zeReuters, ebala nokuthi abanye abashonile ngabaseJapan, China, France, Britain naseHungary.
Umbiko wangaphambili ucaphune izikhulu zithi bonke abashonile baqhamuka emazweni angaphandle.
Uphenyo luyaqhubeka.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters