'Kunzima ukunikela ngosizo eDarfur'

2013-02-14 12:02

Khartoum – Isibalo esiphezulu sabantu abashiye amakhaya abo eSudan, eDarfur, sesidale ukuba amakhaya ecekelwe phansi, izitshalo zishisiwe nabahlinzeka ngosizo behluleka ukuhlangabezana nezidingo, kusho isikhungo esinikezela ngosizo emazweni omhlaba i-Oxfam ngoLwesine.

Izinkulungwane zabantu ezibaleke ngenyanga edlule esifundeni saseJebel Amir enyakatho neDarfur zibhekene nokushodelwa ngamanzi ahlanzekile kanye nokuthuthwa kwendle, kusho i-Oxfam esitatimendeni.

Balinganiselwa ku-100 000 abantu abashiye amakhaya abo ezindaweni zaseJebel Amir kulandela impi yomkhaya.

"Laba abakwazile ukubaleka abanaso isiqiniseko sokuthi bazobuyela nini emakhaya abo, njengoba iningi lawo licekeleke phansi ngesikhathi kunezimpi,” kusho okhulumela i-Oxfam, uHamouda Kanu esitatimendeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-25°C Isolated tstorms. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-19°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-21°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...