Kungase kubhikishwe eCairo
2013-01-25 07:34
Cairo - Izimbangi zikaMengameli wase-Egypt uMohamed Morsi zibheke eTahrir Square, eCairo, ukubungaza unyaka kwakhishwa ngendluzula esikhundleni umholi uHosni Mubarak.
Onyakeni wesibili kwavukelwa uMbuso, izimbangi zikaMorsi zizimisele ngokufuna kufezeke izimfuno ezigxotshwe ngezinyawo yiMuslim Brotherhood, nokuyiqembu elathatha amandla okhethweni nyakenye.
“Ngicela abantu baphume ngobuningi babo e-Egypt ukuzwakalisa ukuthi aseneme ngokushiywa komzabalazo ulenga,” kusho uMohamed ElBaradei, weqembu eliphikisayo, esitatimendeni.
“Lokhu kumelene neBrotherhood,” kusho u-Ahmed Maher, nongumsunguli we-April 6 Movement okuyiyo eyahlanganisa abantu ukuba bamelane noMubarak ngezinkundla zokuxhumana.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters