Kumiswe ukusebenza kwezindiza eNigeria

2012-09-05 16:14

Lagos - Inkampani yezindiza yaseNigeria i-Air Nigeria ixoshe emsebenzini bonke abasebenzi basenkampanini kulandela izinsolo zokungaziphathi kahle.

Lokhu sekuholele ekutheni kumiswe konke ukusebenza kwezindiza ezihlanganisa nalezo ezihambela eLondon.

Isikhulu enkampanini uJimoh Ibrahim waqala le nkampeni eminyakeni emibili edlulle, utshele abezindaba wathi uxoshe abasebenzi ngoba efuna ukuqinisekisa ukuthi abagibeli baphephile.

Zonke izindiza zizoma ukusebenza kusuka mhlaka-10 kwephezulu.

"Sizoma ukusebenza mhlaka-10. Kumele sihlanganise amakhanda sibone ukuthi sibhekana kanjani nale nkinga," kusho uIbrahim

"Umsebenzi wokuthutha abantu umsebenzi obucayi kakhulu, angeke kubekwe engcupheni izimpilo zabantu," eqinisekisa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...