Kumiswe iqembu eliphikisayo eBurundi

2014-03-17 12:01

Bujumbura - Iqembu eliphikisayo eBurundi selimiswe izinyanga ezine, kusho uNgqongqoshe wezangaPhakathi u-Edouard Nduwimana ngoMgqibelo ebusuku, kulandela udlame oluqubuke ngempelasonto edlule kuleliya lizwe.

Ukumiswa izinyanga ezine kweqembu iMovement for Solidarity and Development (MSD) kulandela udlame oluqubuke enhlokodolobha iBujumbura ngoMashi 8 obeluphakathi kwamaphoyisa nezishoshovu zeqembu.

Esitatimendeni esenziwe ebusuku esiteshini sikamabonakude, ungqongqoshe uthe umholi we-MSD u-Alexis Sinduhije uyalele amasosha eqembu lakhe ukuba adale udlame kanye nenzondo.

USinduhije kanye namasosha eqembu lakhe "benze isenzo esiwubulwane ngokuthi bathumbe baphinde bakhumule amaphoyisa", kusho ungqongqoshe, ngesikhathi emisa iqembu ephinde evala ikomkhulu lalo.

UFrancois Nyamoya, onguNobhala Jikelele we-MSD, uthe lesi sinqumo asilungile kodwa wanxusa abeqembu lakhe ukuba basihloniphe.

"NgoMgqibelo mhlaka-8 Mashi amasosha ethu abebhikisha ngokuthula ngesikhathi esukelwa ngamaphoyisa," usho kanje.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...