Kuminze 45 kucwila isikebhe eSomalia
2012-12-21 07:50
Nairobi - Kugwilize abantu abangu-45, noma badukile kanti abanye kusolakala ukuthi bagwilizile ngesikhathi kucwila isikebhe ebesithwele ngokweqile ogwini oluseSomalia, kusho i-UN Refugee Agency.
I-UN High Commissioner for Refugees (UNHCR)
ithe le ngozi yenzeke ngoLwesibili kanti ingozi engakaze yabonwa eGulf of Aden kusukela ngoFebhuwari 2011 ngesikhathi kuminza abantu abangu-57 baseSomalia bezama ukuya eYemen.
Kuthiwa kusinde abantu abayisihlanu, nabathi lesi sikebhe besigcwele ngokweqile sisuka echwebeni laseBosasso.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters