Kumenyezelwe izinguquko eZimbabwe

2013-02-19 10:02

Harare – UNdunankulu waseZimbabwe uMorgan Tsvangirai umemezele ngoMsombuluko ukuthi kuzoqokwa inhloko entsha yekhomishana yokhetho kanjalo neyamalungelo abantu ezweni ngaphambi kokhetho olubhekwe ngabomvu.

UTsvangirai utshele izintatheli ukuthi lowo obeyisikhulu eqenjini likaMengameli Robert Mugabe, iZanu-PF, nguye ozothatha isikhundla kwikhomishana yamalungelo abantu, kulandela ukuhoxa koqweqwe lommeli uReg Austin ngoJanuwari.

U-Austin wakhala ngokuntuleka kwezinsiza, okubalwa nehhovisi, ezizathwini zokusula kwakhe.

"UJacob Mudenda usezoba nguSihlalo wale khomishana," kusho uTsvangirai.

IZimbabwe kulindeleke ukuba ivotele uMthethosisekelo ngoMashi 16 bese kulandela ukhetho lukazwelonke ngoJulayi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 10 kuwa ibhilidi

2014-11-25 12:29
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Morning clouds. Mild. PE: 17-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...