Kumele ukhetho lwaseKenya lube nokuthula - EU
2013-01-24 14:08
Nairobi - Inhloko yezingqapheli zokhetho ngaphansi kwe-European Union ithi kumele kube nokuthula uma sekuvotwa eKenya, ngenyanga kaMashi.
Izingqapheli zithi kumele kugwenywe lokhu okwabonakala ngemuva kokhetho lwangoDisemba 2007.
Okungenani abantu abangu-1 000 bashona kwathi abanye abalinganiselwa ku-600 000, basala dengwane.
I-United Nations ihlawumbisela ukuthi bangu-450 abantu ababulawa ngasekuqaleni kuka-2012, ngesikhathi kuqubuka izimpi zobuhlanga kanye nezombusazwe.
U-Alojz Peterle, oyisikhulu se-EU nowabe enguNdunankulu waseSlovenia, uthi bazothumela izingqapheli ezingu-70, kuze kuzoqinisekiswa ukuthi ukhetho luhamba ngendlela.
Abe-Independent Electoral and Boundaries Commission
(IEBC), eKenya, babhekene nengcindezi enkulu, kuqhuba uPeterle.
"Sifuna ukhetho luhambe ngendlela, lube nokuthula nomoya wobunye."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Sapa-DPA