Kulwelwa amalungelo abesifazane eMorocco

2013-01-24 12:03

Rabat – Abamalungelo abesifazane eMorocco banethemba lokuthi uzocishwa umthetho ovumela abaglwengule izingane ukuba bangaboshwa uma bezishada, kodwa luselude ukhalo olusazohanjwa ukuze kulinganwe ngokobulili.

Izwe lathuka ngoMashi 2012 ngesikhathi u-Amina Filali, 16, ezibulala ngoba ephoqwe ukuba ashade nowamdlwengula. Ngokukamdlwenguli wayevunyelwa isigaba 475 somthetho wezwe ukuba ashade isisulu ukuze akhululwe.

NgoMsombuluko, uhulumeni wamaSulumane uzwakalise ukuseseka isiphakamiso okuhloswe ngaso ukususa lo mthetho.

Ihhovisi lezobulungiswa nalo lizwakalise ukuseseka lesi siphakamiso esenziwe yiPhalamende sokususa lo mthetho, ngaphansi kwawo umdlwenguli ugwetshwa iminyaka ejele uma engashadi nesisulu.

Isiphakamiso kusalindeleke ukuba iPhalamende lisivume ngokusemthethweni.

Ihhovisi liphinde lathi alizimisele nje ngokugcina ngalokhu, kodwa lifuna nokuthi labo abadlwengula izingane bajeziswe kakhulu, njengokuthi nje babhadle iminyaka engu-30 ejele hhayi emihlanu njengokuba kwenzeka.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...