Kuliwa neyokushadiswa kwezisulu nabadlwenguli
2013-01-23 14:04
Morocco - Izishoshovu zamalungelo abesifazane eMorocco ziyasamukela isiphakamiso sikaNgqongqoshe wezoBulungiswa sokuba kuguqulwe umthetho ovumela abadlwenguli ukuba bangathweswa icala uma beshada nezisulu (abazidlwengulile) ezisencane.
UFouzia Assouli, ongumengameli weDemocratic League for Women's Rights, usincomile lesi siphakamiso ngoLwesibili, kodwa wabe esexwayisa ngokuthi kudingeka ubhalwe kabusha lo mthetho ukuze kusizakale abesifazane.
Ungqongqoshe uMustapha Ramid ngoMsombuluko umemezele uhlelo lokususa isigaba esithi umuntu osolwa ngokuthumba noma ngenkohlakalo kowesifazane oneminyaka engaphansi kwengu-18 ngeke aboshwe uma emshada.
IMorocco ngonyaka odlule yethuka ngesikhathi intombazane eneminyaka engu-16 ubudala u-Amina Filali ezibulala ngemuva kokuba umndeni wakhe nejaji benze isinqumo sokuthi ashade owesilisa owamdlengula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP