Kulindelwe ushintsho eZimbabwe
2013-02-14 08:05
Harare, Zimbabwe - UMorgan Tsvangirai watakula iZimbabwe esiphithiphithini ngokujoyina uhulumeni wobumbano noMengameli Robert Mugabe, njengoba esazabalazela ukuholela izwe enkululekweni yentando yeningi.
Abantu bezwe bazovotela uMthethosisekelo ochitshiyelwe ngoMashi 16 – nokuyiwona obalulekile ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngoJulayi, noluzoqeda ngohulumeni wobambiswano.
Uma konke kuhamba ngohlelo, uTsvangirai angase abe ngumengameli wesibili kusukela izwe lathola uzimele geqe ngo-1981.
UTsvangirai, nongumsunguli weMovement for Democratic Change (MDC), wavela njengosopolitiki onamandla ngeminyaka yawo-1990 ngesikhathi ehola umfelandawonye wabasebenzi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP