Kulindelwe imiphumela yokhetho eGhana
2012-12-10 07:28
Accra - Abantu baseGhana bayibheke ngabomvu imiphumela yokhetho lobumengameli, njengoba kuke kwabheda imishini, kanti izikhulu zinethemba lokuthi lokhu ngeke kuphazamise kakhulu futhi ngeke kubeke engcupheni umbuso wentambo yeningi.
Inhlangano yabezindaba yendawo iveze lowo oqhoqhobele lesi sikhundla uJohn Dramani Mahama njengayena muntu ohamba phambili ngamavoti ngeSonto, nokuphikisa imibiko yeqembu lembangi yakhe uNana Akufo-Addo.
“Angifuni ukuzwa ngabanye abantu, kepha ngilindele ukuzwa ngekhomishana eyongamele ukhetho," kusho uGodwin Gone, 42, noyisakhamuzi.
Intando yabantu kuleli lizwe iyisibonelo kwamanye amazwe ase-Afrika.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters