Kulindelwe imiphumela e-Egypt
2012-12-24 12:19
Cairo – ElaseGibhithe ngoMsombuluko lilinde imiphumela eqinisekisiwe yamavoti oMthethosisekelo omusha okubikwa ukuthi wesekwa abantu abaningi kodwa iqembu eliphikisayo lithi kube nenkohlakalo.
"Alukho usuku olubekiwe lokuphuma kwemiphumela," kusho ilungu lekhomishini yokhetho, uMohamed el-Tanobly, etshela iAFP. Abezindaba kuleli yalizwe babike ukuthi izibalo zingase ziphume ngoMsombuluko.
Iqembu iMuslim Brotherhood eliseka uMengameli uMohammed Morsi kanye nabezindaba bathi izibalo ezingaqinisekisiwe zikhombisa ukuthi u-65% wamavoti uhambisana noMthethosisekelo omusha.
Kodwa iNational Salvation Front okuyiqembu eliphikisayo lithi kube nenkohlakalo nokwephulwa kwemithetho ngakho lifuna ikhomishini iphenye ngaphambi kokuba ikhiphe imiphumela.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP