Kulimale abaningi kubungazwa ukuzalwa komprefethi
2013-01-24 16:27
Tripoli - Okungenani abantu abangu-120 balimalile ngesikhathi kuqhunyiswa okhilikithi kujatshulelwa usuku lokuzalwa lomholi wezenkolo, enhlokodolobha yaseLibya, iTripoli.
Umbiko wezindaba ze-LANA, uthi abantu bebebungaza usuku lokuzalwa lomprefethi uMohammed .
"Abantu abaningi abalimalile kudingeke ukuthi banqunywe iminwe, abanye kwadingeka banqunywe izandla," kusho uBashir Milad, oyisikhulu sezempilo esibhedlela iTripoli Burns Hospital.
Izikhulu zezenkolo sezicele ukuthi lungabungazwa usuku lokuzalwa lomprefethi, bethi lokhu kuphambene nenkolo yobuSulumane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).