Kukhululwe iziboshwa ngoshwele eMalawi

2014-04-18 08:21

Blantyre, Malawi - UMengameli waseMalawi uJoyce Banda ukhulule iziboshwa ezingu-281 emajele ezwe okuthiwa agcwele ngokweqile, ekwenza lokhu njengoba kugujwa amaholidi ePhasika.

UMnyango wezaseKhaya ukhiphe isitatimende wathi iziboshwa ezidedeliwe yilezo "ebesezidonse cishe ingxenye yesigwebo sazo futhi ziziphethe kahle. Ezinye zazigwetshelwe amacala angekho bucayi."

Amajele aseMalawi angu-34 athwele kanzima njengoba umkhulu kakhulu umthamo weziboshwa emajele.

Kuthiwa lokhu kuyimisebenzi yezinkantolo ezigweba iziboshwa noma amacala abhekene nazo engekho bucayi.

Kepha njalo uma kuzogujwa amaholidi, iziboshwa zithola ushwele kamengameli.

Ijaji eselathatha umhlalaphansi uDuncan Tambala wake wachaza isimo samajele akuleliya lizwe elibhuqwa ububha "njengesihogo esisemhlabeni".



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...