Kuhlehlisiwe ukugwetshwa kuka-Okah
2013-02-01 12:01
Johannesburg - Kuhlehlisiwe ukwethulwa kwesigwebo salowo owalahlwa amacala obushokobezi, nodabuka eNigeria, uHenry
Okah, eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesihlanu.
Lokhu kuhlehliselwe uFebhuwari 28.
Ummeli ka-Okah uLucky Maunatlala ucele ukuthi lolu hlelo luhlehliswe ukunikeza isikhathi sokuza kuleli ofakazi abaqhamuka eNigeria naseMelika.
U-Okah watholakala enamacala angu-13 obushokobezi, okubalwa nokwakha itulo lokuqhuba lezi zigameko kanjalo nokuthola nokusabalalisa iziqhumane.
La macala ahlobene nezimoto ezimbili ezazihlohlwe amabhomu ezaqhuma e-Abuja, eNigeria,
nalapho kwashona khona abantu abangu-12 kwalimala abangu-36 ngo-Okthoba 2010.
Esinye isigameko esangoMashi 2010 edolobheni iWarri khona eNigeria.
Ngaphambi kokuthi amlahle, u-Okah, wawaphika wonke la macala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA