Kuhlaswe kwabulawa abantu eNigeria
2013-01-28 16:22
Maiduguri - Abahlaseli babulale abantu abayisishiyagalombili enhla nezwe iNigeria, abanye kwababulewe banqunywa oqhoqhoqho, kusho izikhulu ngoMsombuluko.
Okhulumela amasosha endaweni uLieutenant Colonel Sagir
Musa, uqinisekise lokhu kubulawa kwabantu okwenzeke ngeSonto endaweni ekuthiwa kuseGajiganna.
UMusa akashongo ukuthi bangaki abantu ababulewe.
IGajiganna iqhele ngo-50 kilometre nenhlokodolobha yezwe iMaiduguri, eyisizinda seqembu lamaSulumane iBoko
Haram.
"Lokhu kuhlasela kwenziwe buthule, akuzwanga muntu kwaze kwaba sekuseni," kusho omunye wabahlali uBrah Chindo.
Imthombo yabezindaba ithi akukazeki ukuthi ngobani abahlaselile nokho izinsolo zikhomba iBoko Haram.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).