Kuhlaselwe umuzi kaBiti eZimbabwe

2011-06-06 12:28

Harare - Iqembu likaNdunankulu waseZimbabwe uMorgan Tsvangirai lithi abantu abangaziwa bahlasele ngebhomu umuzi kaNgqongqoshe wabo wezeziMali uTendai Biti.

UBiti ubengekho emzini wakhe ngesikhathi kuhlaselwa kanti akubikwanga muntu olimele kulandela lesi sigameko esenzeke ngeSonto ekuseni, kusho iqembu iMovement for Democratic Change ngoMsombuluko.

UBiti uke wazama ukumisa ukudayiswa ngokungemthetho kwamadayimane nokulawulwa iqembu likaMengameli uRobert Mugabe nokungabi kukahulumeni nemali eyanele yokunyusa imiholo yobasebenzi bakahulumeni, okubalwa othisha, amaphoyisa nabasebenzi bombutho wezempi.

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...