Kuhlaselwe kwabulawa amaphoyisa angu-31 eKenya

2012-11-12 16:24
Yabelani Shicilela

Nairobi - Sesenyuke safinyelela ku-31 isibalo samaphoyisa abulewe enhla neKenya, esehlakalweni sokuhlaselwa kwawo, kusho izikhulu khona ezweni.

"Kuphinde kwatholakala ezinye izidumbu ekuseni, simi ku-31 isibalo samaphoyisa abulewe, amanye ayisishiyagalolunye ayelulama esibhedlela," kusho okhulumela amaphoyisa u-Eric Kiraithe.

"Sekuqiniswe kakhulu ezokuphepha," esho.

Amaphoyisa kuthiwa abethungatha amasela emfuyo ngesikhathi ehlaselwa ngoshayasibhamu ngoMgqibelo, esifundeni iBaragoi.

Abahlaseli bebevele besolwa ngokufa kwabanye abantu abangu-13, ababulawa ngenyanga ka-Okthoba, laba bebelandelwa ngamaphoyisa ngemuva kokuthi kudlule isikhathi ababebekelwe sona ukuthi babuyise imfuyo abayeba.

Ukwebiwa kwemfuyo sekuke kwaqubula izimpi kubahlali, akujwayelekile ukuthi kuhlaselwe abomthetho.

USihlalo ekomidini lezokuphepha ePhalamende uWilfred Kapondi, uthi kuyethusa lokhu kuhlasela.

"Ukubulawa kwamaphoyisa angaphezu kwangu-30, ngesikhathi esisodwa, yinto yokusukunyelwa phezulu.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...