Kuhlaselwe isonto eKenya
2012-11-05 07:33
Nairobi - IRed Cross eKenya iveze ukuthi kulimale abantu abayishumi ngesikhathi kuhlaselwa ngebhomu ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yamaphoyisa esontweni elisenyakatho nezwe.
Ngokombiko weRed Cross, lokhu kuhlasela kwenzeke e-Utawala Interdenominational Church, edolobheni iGarissa.
IKenya isihlaselwe wuhide lwezigameko ezibandakanya iziqhumane nokusolwa kuzo i-al-Shabaab, nokuyinhlangano yezihonga yaseSomali eyamaniswa ne-al-Qaeda.
I-al-Shabaab yafunga yagomela ngokuthi izoqhubeka nokuhlasela eKenya ngoba yathumela amasosha eSomalia ukuba ayolwisana namavukelambuso.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP