Kuhlangane amaqembu aphikisayo eNigeria
2013-02-07 14:05
Abuja - Amaqembu amane aphikisayo eNigeria, amemezele ukuthi azohlangana ngenhloso yokuchitha iqembu elibusayo eliholwa nguMengameli uGoodluck Jonathan, nelibe sezintanjeni kusukela ngo-1999.
Imizamo yokuhlangana kwamaqemu yaphambilini, ibilokhu iphazanyiswa yizimpi ebeziqhubeka ezifundeni kanjalo nokungaboni ngasolinye, leli qembu elisha lizozizwa amandla okhethweni lwangonyaka ka-2015.
"Lesi yisona kanye isikhathi sokuthi kwenziwe uguquko olusheshayo," kusho isitatimende esikhishwe ngokuhlanganyela ngamaqembu.
"Amaqembu i-ACN, ANPP, APGA kanjalo ne-CPC, asehlangene kanti azokuba yiqembu elilodwa i-All Progressive Congress, ezonika abantu bezwe uguquko.
Iqembu elibusayo iPeople's Democratic Party, belilokhu lizihambela phambili njalo uma kubanjwa ukhetho, kusukela kwaqala uhulumeni okhethwa ngabantu, eminyakeni engu-14 eyedlule.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Reuters