Kuhilizisane izimbangi eTunisia
2012-10-19 07:58
Tunis - Kushone ilungu leqembu eliphikisayo edolobheni iTataouine ngesikhathi abalandeli balo behilizisana nalabo abeseka uhulumeni oholwa amaSulumane eTunisia, kusho iqembu lalo iCall of Tunisia noMnyango wezangaPhakathi.
Isikhulu seqembu sitshele i-AFP ukuthi uLotfi Naguedh ushone ngemuva kokushaywa ngabalandeli abahambisana nohulumeni ngesikhathi kunombhikisho.
Okhulumela uMnyango uKhaled Tarrouche uluqinisekisile lolu dlame, kodwa wathi uNaguedh ubulawe yisifo senhliziyo.
Okhulumela iCall of Tunisia uthe: “Ngisho kungathiwa ubulawe yisifo senhliziyo, kodwa kuxhumene nokuhlaselwa kwakhe."
-
Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP