Kugxekwe isigwebo samaphoyisa eKenya
2012-12-20 14:32
Nairobi - Inhlangano elwela amalungelo abantu igxeke isigwebo sentambo esinikezwe amaphoyisa ayisithupha aseKenya alahlwa yicala lokubulala osomatekisi yacela uhulumeni ukuba asintshe le mithetho yezwe ehambisana nalesi sigwebo.
UJustus Nyang'aya, nohola i-Amnesty International eKenya, uthe kungenzeka ukuthi la maphoyisa angabulawa njengoba lesi sigwebo singakaze sisetshenziswe kusukela ngo-1987.
"Asiseseki isigwebo sentambo, ngakho sincenga uhulumeni waseKenya ukuba usiyeke," esho.
UJaji Fred Ochieng uthe amaphoyisa asebenzisa
isihluku esingamukelekile ngesikhathi edubula abashayeli ngezinhlamvu
ezingu-61 eNairobi.
Amaphoyisa athi labo somatekisi babeyingxenye yesigejana sezigebengu esaziwa ngeMungiki.
Abazibonela kwenzeka lokhu bathi usomatekisi ngesikhathi bebulawa babengahlomile kanti futhi abazamanga ukulwisana namaphoyisa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA