Kufufusa ithemba ngeDRC
2012-11-27 16:29
Kampala - Izigayigayi ebezikanise edolobheni iGoma, eDemocratic Republic of Congo, sezigcine zivumile ukusuka kuleli dolobha ngoLwesine, kusho isikhulu sezempi e-Uganda.
"Emini mhlaka-27 Novemba, izigayigayi ze-M23, zizophuma eGoma," kusho isikhulu u-Aronda Nyakairima, etshela abezindaba.
Umholi we-M23 uSultani Makenga, yena uzohamba ngoLwesihlanu.
"NgoLwesithathu noma ngoLwesine sizohamba eGoma,” kukhuluma uMakenga, etshela abezindaba ze-AFP.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iqembu leli limemezele ukuthi lizoshenxa kule ndawo uma uhulumeni evuma ukulalela izimvo zalo, ezihlanganisa ukuhlakaza iKhomishana yoKhetho.
I-M23 yiqembu elesatshwayo njengoba uma lingenisa endaweni kugcina ngokuthi kusale phansi izidumbu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).