Kufinyelelwe esivumelwaneni eCAR
2013-01-11 07:57
Libreville - Uhulumeni waseCentral African Republic kanye namavukelambuso, sebefinyelele esivumelwaneni sokuthi kumiswe ukuhlaslea okuqhubeka ezweni, kusho umbiko wamavukela mbuso.
Umthombo okhulume nabezindaba uthe izingxoxo eziqhubeke enhlokodolobha yaseGabon, iLibreville, uthe uMengameli waseCentral
African Republic uFrancois Bozize, uzonquma ukuthi kube khona uhulumeni wokubambisana namavukela mbuso eqembu iSeleka.
"Ukubekwa phansi kwezkhali kube yisinqumo zinke izinhlaka ezivunelana ngaso,” kuqhuba umthombo.
Okwamanje akukazeki noma amavukela mbuso azowuvuma yini uhulumeni wokubambisana. Phambilini apphakamisa ukthi uBozize ashiye isikhundla sakhe.
UBozize wathatha ngo dlli izwe ngonyaka ka-2003, amavukela mbuso athi kumele avele ngaphambi kwnkantolo -International Criminal Court,, abhekana namaxala ngalokho okwenzeka ngesikahthi ethatha izwe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Reuters