Kudutshulwe umfundisi eZanzibar
2012-12-26 09:23
Zanzibar – Ushayasibhamu udubule walimaza kabi umfundisi wamaKhatholika ntambama ngoLwesibili edolobheni laseZanzibar, kusho amaphoyisa.
Isehlakalo sokudubula sangoKhisimusi senzeke ngesikhathi uFata Ambrose Mkenda esendleleni ebuyela ekhaya ephuma esontweni ngezithuba zabo-19:45, kusho okhulumela amaphoyisa aseZanzibar u-Aziz Juma.
UMkenda udutshelwe engalweni nasesifubeni.
Ngesikhathi odokotela bezama ukuhlenga impilo yakhe, amalungu amaKhrestu abuthanele esibhedlela iMnazi-Mmoja eZanzibar.
"Umfundisi olimele uyinhloko yeTomondo Catholic Church,” kusho u-Aziz Juma, oqhube wathi akukacaci noma lokhu kuhlasela kuhlobene yini nezenkolo.
"Uphenyo luyaqhubeka, kodwa kungenzeka ukuba abahlaseli bakhe bebecabanga ukuthi umfundisi uphethe imali,” kusho yena.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA