Kudunwe umkhumbi e-Ivory Coast

2013-02-04 12:00

Kuala Lumpur – I-International Maritime Bureau ngoMsombuluko ithe umkhumbi kawoyela waseFrance oduke eIvory Coast ngempelasonto kukholakala ukuthi uduniwe.

Abanikazi bomkhumbi iLuxembourg obuthwele abantu abangu-17 bagcine ukuxhumana nawo ngeSonto, kusho uNoel Choong, oyinhloko yeMaritime Bureau eKuala Lumpur, ebikela i-AFP.

"Umkhumbi odukile kusolakala ukuthi udunwe abaduni bemikhumbi,” usho kanje, waqhuba wathi ababhekele ezasemanzini sebexwayise imikhumbi.

"Kubukeka sengathi abaduni balibhekisa ngase-Ivory Coast ngoba izwe laseNigeria nelaseBenin asezame ukuqinisa ezokuphepha eGulf of Guinea," kusho uChoong, owalile ukwenaba ngalesi sigameko.

Uzwakalise ukukhathazela ngokwanda kwezigameko ezifuze lesi kule ndawo, waveza ukuthi kube nezinye izigameko ezimbili muva nje, phakathi kwazo kusale kulimele umuntu ngemuva kokudutshulwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 3-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-23°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...