Kubulawe umholi wezepolitiki eDarfur
2012-11-13 07:35
Khartoum - Kusocongwe umholi wezombusazwe eDarfur, Sudan, kusho abezindaba, kulandela ukuthi abagcini boxolo bezwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kodlame.
Umholi wesifunda kuJustice Party ushonile kwathi omunye walimala ngesikhathi behlaselwa bephuma e-El
Fasher.
Amagama ezisulu awazange adedelwe.
“Imoto abebehamba ngayo ihlaselwe iqulu lamadoda angaziwa abehlome eyizingovolo," kusho iSUNA.
Kusukela ngoJulayi, izakhamuzi zisengozini ngenxa yokulwa okuqhubekayo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP