Kubulawe owaseSudan e-Egypt
2013-02-06 12:02
Rafah - Isikhulu sezokuphepha eGibhithe sithi amaphoyisa agada emngceleni adubule abulala owesilisa waseSudan obezama ukweqela kwa-Israel.
Lesi sikhulu ngoLwesithathu sithe amaphoyisa adubule emoyeni, kodwa lo mlisa waseSudan wasiziba isexwayiso ngemuva kwalokho wadutshulwa washona.
Isidumbu sakhe, uMukhtar al-Hafed al-Bashir oneminyaka engu-19 ubudala siyiswe esibhedlela eRafah eduzane nomngcele.
Lesi sikhulu asifunanga ukudalulwa igama laso ngoba singagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.
Amaphoyisa omngcele aseGibithe ajwayele ukuvulela ngenhlamvu kubantu base-Afrika abazama ukungena kwelakwa-Israel, nokuyisenzo esigxekwa kwakhulu abezamalungelo abantu.
Izinkulungwane zabantu base-Afrika ezizama ukuphikelela kwa-Israel zisuka eGibhithe minyaka yonke, zibeka impilo yazo engcupheni, ziyofuna imisebenzi noma ukubhaca.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP