Kubulawe odokotela bokufika eNigeria
2013-02-11 07:27
Maiduguri - Abahlaseli banqume odokotela abathathu baseNorth Korea, uqhoqhoqho, bebabulala endaweni abebehlala kuyona enyakatho mpumalanga neNigeria, kusho amaphoyisa.
Lezi zigilamkhuba zishaqe konke obekusobala kuleli flethi elisePotiskum, ngemuva kokubulala odokotela.
Akucaci ukuthi ngobani abenze lesi senzo esinyantisa igazi, kodwa iPotiskum ijwayele ukuhlaselwa yinhlangano yamaphekulazikhuni iBoko
Haram.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters