Kubulawe isigayigayi e-Uganda

2013-01-21 12:01

Kampala - Isishingqongqo sevukelambuso esaziwa ngokuthi nguBrigadier Binani, ubulewe ngoLwesihlanu, ngesikhathi itholana phezulu phakathi kwamasosha ase-Uganda namavukelambuso eCentral African Republic, maduzane nomngcele ongenela eSouth Sudan.

Umbiko lona ukhishwe ngumkhulumeni wamasosha uFelix Kulayigye.

"Sizwe ngandlebenye ukuthi kunequlu elingenisayo, kube sekujutshwa ithimba lamasosha ukuthi liyobhekana ngqo naleli qulu,” kusho uKulayigye, othi impi ibambane endaweni ebuqamama ngo-280km nendawo ebizwa ngokuthi kuseDjema.

UBinani kuthiwa ube mandla kakhulu ekungeniseni ukudla kanye nasekuthumbeni izingane, zithunjelwa ukuqeqeshelwa ukuba ngamaphekula.

Iqembu lamaphekule i-LRA, ekuthiwa okungenani linamasosha angu-250, lisolwa ngezehlakalo eziningi ezihlanganisa ukuhlasela amasosha kahulumeni, ukubulala licwiye abantu, kanjalo nokuthumba izingane bese ezinye zenziwa izigqila zocansi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...