Kubulawe intatheli eMogadishu
2013-01-18 14:06
Mogadishu - Oshayasibhamu abangaziwa badubule babulala intatheli yomsakazo ozimele eSomalia, iRadio Shabelle, enhlokodolobha iMogadishu, kusho ozakwabo nabazibonele ngoLwesihlanu.
U-Abdihared Osman Adan, udutshulwe amahlandla ambalwa ngasekhaya lakhe eMogadishu, esifundeni iWadajir.
"Oshayasibhamu bamdubule kathathu entanyeni nasehlombe. Ulimale kabi wase ephuthunyiswa esibhedlela nalapho efike washonela khona," kusho uzakwabo uMohamed Bashir.
"Asiyazi imbangela yokubulawa kwakhe kodwa kubukeka sengathi ngumkhankaso wokuqeda nya ngokubika kwabezindaba ngaphandle kokuvalwa imilomo," esho.
IRadio Shabelle yawina indondo yokubika ngokungasabi ngo-2010.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA