Kubulawe 7 eNigeria

2013-02-27 12:02

Kaduna - Oshayasibhamu sebedubule babulala amadoda ayisikhombisa abekade egade emakethe esenhla neNigeria, esifundeni iYobe, kusho izikhulu.

Lokhu kuhlasela kuyasolakala ukuthi kuqhutshwa ngabeqembu lamaSulumane.

Balinganiselwa ku-26 abantu asebebulewe kusukela ngoLwesihlanu.

Kusolwa iqembu iBoko Haram ngalokhu kuhlasela, kanti izimpi ezingi kuthiwa ziqutshulwa wukuhluka kwezenkolo phakathi kwabenkolo yamaKrestu namaSulumane.

Uhlangothi olulodwa luvumile ukubeka phansi izikhali esifundeni iBorno, nokho ukuhlasela kulokhu kuqhubekile.

“Izolo ebusuku kutheleke oshayasibhamu bafike badubula babulala abantu abayisikhombisa, kwalimala oyedwa," kusho isikhulu sikahulumeni iKune, uMaina Gana.

“Abantu ababulewe bangabaqaphi, bebegade emakethe.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...