Kubulawe 6 eKenya
2013-02-05 07:29
Nairobi - Kubulawe abantu abayisithupha, okubandakanya namaphoyisa ayisithupha, ngesikhathi bedutshulwa begasela njengoba bebethungatha izinkomo ezebiwe eKenya.
“Amaphoyisa amathathu abulawe ngesikhathi ezama ukuthatha izinkomo ezebiwe. Kuphinde kwabulawa nezakhamuzi ezintathu zendawo," kusho iNhloko yamaphoyisa kule ndawo u-Omondi Musewe.
Lesi sigameko senzeke ngeSonto ebusuku eNg'aratuko, eBaringo nalapho amaphoyisa abalelwa ko-30 ezame ukubopha labo abeba imfuyo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA