Kubulawe 4 wamaphoyisa eLibya

2012-12-17 10:32
Yabelani Shicilela

Tripoli - Amaphoyisa amane adutshulwe abulawa edolobheni iBenghazi eLibya ngeSonto ngesikhathi oshayasibhamu behlasela ezindlini zokuphepha, kusho ihhovisi lezangaphakathi.

Okhulumela amaphoyisa u-Ezzedine al-Fazani uthe lokhu kuhlasela kuhlobene nokuboshwa komlisa okusolakala ukuthi waba nesandla ekubulaweni kwenye yenhloko yohlaka lwezokuphepha edolobheni, iNational Security, uColonel Farag el-Dersi.

Lo mbulali uhlasele isakhiwo sezokuphepha, ngemizamo yokungena ejele eliseduzane, okuyilapho lo mlisa egcinwe khona ngokubulala u-el-Dersi.

IBenghazi, yilapho kwaqala khona udlame olwaholela ekuketulwe kombuso kaMuammar Gaddafi ngonyaka odlule, kanti ezokuphepha khona ziyantenga.

Ukuhlasela kwangoSepthemba kwashiya kufe inxusa laseMelika nabanye abathathu bakhona eMelika.


  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 7-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 9-19°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...