Kubulawe 11 eKenya

2012-09-07 11:13

Mombasa – Abantu abebehlomile bathungele ngomlilo izindlu babulala abantu abaningi esifundeni saseKenya esisogwini odlameni olusha oluhambisana nombango wamanzi kanye nomhlaba, kusho isikhulu sikahulumeni kanye nesakhamuzi.

"Ukuhlasela kwenzeke ebusuku ngoLwesine. Sizwe ukuqhuma kwesibhamu nokuhayiza kwabantu, kwalandela ngentuthu,” kusho uJillo Dabacha, onguSihlalo wenhlangano eqapha udweshu emphakathini.

"Kubulawe abantu abangu-11,” usho kanje.

Isikhulu sikahulumeni wenzawo sikuqinisekisile lokhu kuhlasela saphinde sathi “kubulawe abantu abaningi”.

Ngenyanga edlule abahlaseli ababehlome ngezimbazo nemikhonto babulala abantu abangaphezulu kuka-50 kuyona le ndawo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...