Kuboshwe ophethe amaphekula e-DRC
2013-02-11 16:25
Bukavu - Amaphoyisa aseDemocratic Republic of Congo asebophe ubhongoza eqenjini lamavukelambuso esifundazweni iSouth Kivu, kusho esinye sezikhulu esifundazweni.
UGustave Bagayamukwe Tadji, oyinhloko ye-Union of
Revolutionary Forces of Congo (UFRC), uboshwe ngeSonto, ngesikhathi etheleka esiqhingini i-Uvira, kusho isikhulu uDesire
Kyakwima.
UBagayamukwe wakhuluma ngenyanga eyedlule, ememezela ukusungulwa kwe-UFRC, ethi inhloso yayo ukuqumba phansi umbuso kaMengameli uJoseph Kabila.
UKabila ube sezintanjeni kusukela ngo-2001.
UKyakwima uthi uBagayamukwe uzodluliselwa enhlokodolobha iKinshasa.
Ngemuva kokusungulwa kweqembu likaBagayamukwe, bahambisa incwadi kwabezindaba ze-AFP bethi iqembu lifuna kuyiwe okhethweni ngokushesha, kuze kuzobuyiswa uzinzo kwezombusazwe.
Isitatimende se-UFRC saqhubeka sathi bafuna uhulumeni akumise ukuthunyelwa kwamasosha akwamanye amazwe, ngenhloso yokuzoqapha emngceleni ophakathi kwe-DRC neRwanda.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).