Kuboshwe omunye we-MDC

2012-10-19 12:01
Yabelani Shicilela

Harare - Amaphoyisa aseZimbabwe asebophe izikhulu eziseqenjini likaNdunankulu wezwe uMorgan Tsvangirai, iMovement for Democratic Change, kusho iqembu.

I-MDC ikhiphe isitatimende esithi uSihlalo weqembu uJulius Magarangoma, uboshwe ngamaphoyisa, emsola ngabakubiza ngokuphazamisa ukuthula emphakathini.

Kuthiwa ukuboshwa kukaMagarangoma kuhlobene nezidubedube zango-2010.

Siboshwa nje lesi sikhulu, esikhathini esingangesonto esedlule kuboshwe uNgqongqoshe woMnyango wezokuMbiwa Phansi u-Elton Mangoma, esolwa ngokuthi wabukela phansi inkulumo kaMengameli uRobert Mugabe, ayethula ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.

Amaphoyisa awatholakalanga ukuthi aphawule ngalolu daba.

"I-MDC iyakugxeka ukuhlukunyezwa nokwesatshiswa kwezikhulu, amalungu nabalandeli," kusho isitatimende seqembu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-20°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...