Kuboshwe okusolwa ukuthi ngabe-M23 kuleli
2013-02-05 14:01
Johannesburg - Amaphoyisa akuleli abophe abantu abangu-19 okusolakala ukuthi bangamavukelambuso aseDemocratic Republic of Congo, nokubalwa izikhulu zeM23.
Leli qeqebana liboshwe enyakatho neLimpopo ngemuva kophenyo olwenziwe wuphiko lwezobunhloli, kusho amaphoyisa, ngaphandle kokukhipha ulwazi oluthe xaxa.
Esinye isikhulu sezomthetho sithe laba bangamalungu enhlangano yezihonga iM23 neke yadala umonakalo esifundazweni iKivu, nokuhudulele lesi sifunda edlameni kwabaleka abantu ababalewa engxenyeni yesigidi, beshiya amakhaya abo.
IM23 imelene noMbuso kaMengameli Joseph Kabila.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters