Kuboshwe izintatheli eNigeria

2013-02-12 14:02

Kano - Amaphoyisa asenyakatho neNigeria athi asebophe izintatheli zomsakazo ezintathu kulandela ukubulawa kwabantu abangu-9 abebegomela isifo sovendle, athi inkulumompikiswano yazo eyayidlala emsakazweni yiyona edale lokhu kuhlasela.

UKhomishana wamaPhoyisa aseKano u-Ibrahim Idris ngoLwesibili uthe izintatheli, ezisebenzela iWazobia FM, zizobekwa icala lokuba nesandla ekubulaleni okwenziwe ngoLwesihlanu.

Izikhulu zomsakazo azitholakalanga ukuba ziphawule.

Umsakazo wadlala uhlelo ngesonto eledlule, uchaza ngendlela enye intatheli ebanjwe ngayo ngesihluku yizikhulu zikahulumeni ngesikhathi iqopha owesilisa obenqaba ukuba izingane zakhe zigonywe.

Umsakazo ngokuhamba kwesikhathi waphinde wadingida udaba olungamahebezi, lokuthi umgomo wenza izingane zabantombazane zingazali.

Izwe laseNigeria lingelinye lamazwe amathathu asakhungethwe yisifo sovendle.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...