Kuboshwe isikhulu ngolwaseGhana
2012-11-09 14:03
Accra - Kuboshwe umqondisi kamasipala kulandela ukubhidlika kwebhilidi ebelinenxanxathela yezitolo e-Accra nokubulale abantu abayisishiyagalolunye, kusho abezindaba ngoLwesihlanu.
Izikhulu zaseGhana ngoLwesine zibophe uCarl Henry
Clark ngezinsolo zokuthi le nxanxathela yezitolo yakhiwa ngaphandle kwemvume.
Umnikazi webhilidi, unjiniyela nowayelidweba nabo bayafunwa yiBureau of National Investigation, kubika i-website yeCitifm
Online.
UMengameli waseGhana uJohn Dramani Mahama ngoLwesine uthe kuzoqhutshwa uphenyo olunzulu ukuqinisekisa ukuthi ukwakhiwa kwamabhilidi aphakeme kwenziwa ngendlela ephephile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA