Kuboshwe inqwaba yababhikishi eNigeria
2012-11-06 07:30
Lagos - Amaphoyisa eningizimu mpumalanga neNigeria athi abophe abantu ababalelwa ku-100 abebemasha bevayizisa ifulegi lezwe elahlubuka nelingaphumelelanga, iBiafra.
Okhulumela amaphoyisa u-Ebere Amaraizu uthe lokhu kwenzeke ekuseni ngoMsombuluko ngesikhathi kumasha amalungu eBiafra
Zionist Movement edolobheni i-Enugu.
Uthe akazi ukuthi la madoda azothweswa maphi amacala.
Ngo-2011, kwenzeka umbhikisho ofanayo nalo kwaboshwa abantu babhekana necala lokuzama ukuketula uMbuso kodwa laphinde lahoxiswa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP