Kuboshwe abeBoko Haram eNigeria

2012-10-10 14:37

Kano - Amaphoyisa asenhla nezwe iNigeria athi asebophe abasolwa abayisishiyagalombili abangaphansi kwenkolo yamaSulumane, ekuthiwa bahlobene nezenzo zokubulawa kwamaphoyisa amabili.

Amaphoyisa adutshulwa abulawa ngabasolwa ababehamba ngezithuthuthu, amaphoyisa lawa ayehamba engena umuzi nomuzi, kujovwa abantu bejovelwa uvendle.

Okhulumela amaphoyisa uMagaji Majia uqinisekise ukuboshwa kwabasolwa, uthe lokhu kuhlaselwa kungokunye okwejwayelekile okuvame ukwenziwa ngabeqembu iBoko Haram.

"Sibophe abasolwa abayisishiyagalombili abaseqenjini iBoko Haram, basolwa ngokubulala amaphoyisa amabili," kusho uMajia.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...