Kuboshwe abasolwa kolwaseMali
2013-02-13 12:01
Nouakchott - Abantu ababili baseMauritius kuhlanganisa nomfowabo kalowo obandakanyeka esehlakalweni sokuhlasela indawo yase-Algeria yegesi ngenyanga edlule, bathweswe icala ngoLwesibili ngokuzama ukujoyina i-al-Qaeda eMali, kusho umthombo wamajaji.
Laba besilisa ababili bathweswe icala lokubaseqenjini labashokobezi kulandela ukuba bobabili bejoyine i-al-Qaed e-Islamic Maghreb(Aqim), okuyigatsha le-al-Qaeda elisenyakatho ne-Afrika, ngenhloso yokulwa namasosha aholwa ngawaseFrance eMali, kusho umthombo owalile ukudalulwa igama lawo.
Bobabili baboshwa, usho kanje, bagcinwe esitokisini njengoba kusaqhubeka icala.
Oyedwa wabo, uBrahim Ould Hmeida, ungumfowabo omdala ka-Abdallahi Ould Hmeida, ongomunye wontamolukhuni be-Islamist abahlasela i-Amenas gas field e-Algeria kwasala kushone abantu abangu-38.
Uke wabekwa icala lobushokobezi, ecaleni elehlukile, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wanikwa ushwele kamengameli.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP