Kuboshwe 2 ngokufa kwesivakashi eTopiya

2013-01-11 13:01

Addis Ababa - Amaphoyisa aseTopiya asebophe abantu ababili ekuthiwa bayathinteka ekubulaweni kwesivakashi sase-Austria, kusho isikhulu sikahulumeni.

Isivakashi esineminyakaengu-27 ubudala, sahlaselwa sabulawa sizipholele eBlue Nile, ngeSonto.

Isikhulu sikahulumeni eTopiya sithi laba ababoshiwe babanjwe bephethe impahla ekukholakala ukuthi ngeyesivakashi, umsolwa wesithathu ekukholakala ukuthi nguye owadubula, namanje usagcwele amathafa.

Isehlakalo lesi senzeka nje kusaphele unyaka owodwa kwahlaselwa kwabulawa izivakashi ezinhlanu, ezahlaselwa enhla nezwe iTopiya
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Passing showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-25°C Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...