Kuboshwe 13 ngokubulawa kwezitshudeni
2012-10-09 07:28
Accra - Izikhulu zaseNigeria zibophe abantu abangu-13 okubalwa nenduna yendawo eRivers State, nalapho kubulawe khona ngesihluku izitshudeni, zishiswa ziphila ngesonto eledlule, kusho iNews Agency of Nigeria.
Izakhamuzi e-Omuokiri zititinye la bafundi ngemuva kokubasola ngokweba amaselula nama-laptop.
Kube sekufakwa i-video yalesi sigigaba ku-internet ngoMgqibelo.
Le video itshengisa amadoda amane agcwele igazi, egaxwe amathayi emiqaleni.
I-University of Port Harcourt, iqinisekisa abathathu kulaba ababulewe ukuthi bebefunda khona.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA