Kubhuntshile ukuhlasela eSomalia

2012-08-01 12:05

Mogadishu - Amadelakufa amabili aziqhumise ngamabhomu emasangweni esiShayamthetho eSomalia, ezibulala wona kuphela njengoba kungabikwanga muntu omunye oshinile, kubika amaphoyisa.

"Amadoda amabili abezibhande ngeziqhumane azame ukuhlasela le ndawo, kodwa agcine emasangweni nokuyilapho eziqhumise khona," kusho isikhulu samaphoyisa u-Abdullahi Mohamed.

"Umbutho wezokuvikela ukwazile ukubanqanda ekuhlaseleni, badutshuliwe kwase kuqhuma amabhomu abekubona," kusho uNgqongqoshe wezangaPhakathi u-Abisamad Moalim etshela izintatheli, enezezela ngokuthi kulimale unogada kulesi sibhicongo.

Akekho ophumele obala ngalokhu kuhlasela.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Showery. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-24°C Heavy rain. Broken clouds. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...