Kubhikishe abahlali eMali

2012-10-18 16:10
Yabelani Shicilela

Bakamo - Balinganiselwa ku-2 000 abahlali baseMali abangene emigwaqeni babhikisha bekhalaza ngokungenisa kwamasosha asemazweni angaphandle, afuna ukuthatha ngodli indawo edliwe ngabeqembu lamaSulumane.

Imashi igqugquzelwe ngabeseka amasosha asezweni iMali, belwisana nezinhlelo ze-Economic Community of West African States (ECOWAS).

Ababhikishi bebethwele izingqwembe ezigxibha uMengameli wezwe uDioncounda Traore.

"UDioncounda akawazi umsebenzi," "Siyala nokuthengiswa kwezwe lethu, Mananjalo Mali," kusho ezinye iziqubulo.

Izidubedube zaseMali zaqala ukubonakala mhlaka-22 Mashi, ngesikhathi abahlali bevuka umbhejazana bevukela umbuso kaMengameli u-Amadou Toumani Toure.

Iqembu lamaSulumane i-Al-Qaeda, selidle umhlaba osenhla nezwe, ubukhulu bawo obungalinganiswa nezwe iFrance.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...